Amakhehla

Album cover art for "Amakhehla" by Sjava & Vernotile

Sjava & Vernotile - Pop, IsiZulu

Amakhehla

8K Plays

View Album

Lyrics

[Chorus: Sjava] Ngithi ngicela nitshele isitha sami Ukuthi ang'hambi ngedwa Ngihamba nabangabonwa, labangabonwa Abadala [Verse 1: UDUMAKAHLE] Ngihamba noMkhulu wami uNjinga Nasempini yaseNcome Kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga Ngihamba noMkhulu wami uNjinga Nasempini yaseNcome Kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga Uke afike kimi nangephupho Athi mzukulu ubosibheka isandla somuntu Nami ngilele laphengilele khona ethuneni Ngenxa yaso isandla somuntu Banomona abantu Ngihamba noMkhulu wami uNjinga Nasempini yaseNcome Kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga [Reprise: UDUMAKAHLE] Sonyakaza kodwa Dlozi lam Bovika phela ezitheni zam' Balwisana nempumelelo yami Hamba nabani wo Dlozi lam Bovika phela ezitheni zam' Balwisana nempumelelo yami [Chorus: Sjava] Ngithi ngicela nitshelе isitha sami Ukuthi ang'hambi ngedwa Ngihamba nabangabonwa, labangabonwa Abadala [Refrain: Sjava] Maye ngiyak'zwela Ngoba laMakhеhla anodlame, anodlame ngiyawazi Oh ngiya'zwela Ngoba laMakhehla anodlame Ave enodlame ngiyawazi [Verse 2: Anzo & Vernotile] Ubokhulum' ukhulum' ukhulum' ubuye ubal' amagamakho Ukhumbul' ukuthi nami nginedlozi lami (Whoa, ko, ko, ko) Ubothi mawushwashwada nabangani bakho Nihlel' ukuthi ningiqumbe phansi Ubuye ukhumbule, nami ngineDlozi and liyalwa Uyozwa sekuthiwa nimbon' enje Isimo sesinje Wafaka unyawo lakhe lapho elingafakwa khona manje ziyamnetha (Ehe, ehe, ehe, he) Nj'oba nibona nje kunje, impilo isinje Akahlanyi ekhanda ObabaMkhulu abamthwalisa umqhele ogcwele nje ameva, ameva (Ehe, ehe, ehe, he) [Chorus: Sjava] Yingakho mina ngithi Ngicela nitshele isitha sami Ukuthi ang'hambi ngedwa Ngihamba nabangabonwa Abangabonwa Abadala [Refrain: Sjava] Maye ngiyak'zwela Ngoba laMakhehla anodlame, anodlame ngiyawazi Oh ngiya'zwela Ngoba laMakhehla anodlame Ave enodlame ngiyawazi

Rate this song

Rate this song

0/5.0 - 0 Ratings

5
0.0% (0)
4
0.0% (0)
3
0.0% (0)
2
0.0% (0)
1
0.0% (0)

Loading comments...

Credits

Writers
  • Sjava
  • Ruff
  • Vernotile
  • Anzo
  • UDUMAKAHLE