Ubuhle Bendalo

Lyrics
[Pre-Chorus: Vuyo Manyike] Impilo yasedolobheni inok'vala inqondo Ngiyajabula ukuba sekhaya ngibuke ubuhle bendalo Imfula namagquma konke kunomlando Kuleth' ukuthula kuthoba inhliziyo [Chorus: Sjava] Ngikhohlwa ukuhlupheka Nenkinga zomhlaba Ngikhohlwa ukuhlupheka Nazo zonke inkinga zomhlaba Ngikhumbula sisakhula Njengamathole, s'tshakadula [Verse 1: Vuyo Manyike] Nabazali bethu thina babesekhona Singakazi ukuthi impil' iyoke is'beke laskhona Impilo ayikholula emazweni lasizama khona Uthando nenjabulo kulapho esazalwa khona [Verse 2: Sjava] Asambeni siy'emakhaya Siyokhothwa idlozi s'phinde sibuye sozama Asambeni siy'emakhaya Siyokhothwa idlozi s'phinde sibuye sozama [Pre-Chorus: Vuyo Manyike] Impilo yasedolobheni inok'vala inqondo Ngiyajabula ukuba sekhaya ngibuke ubuhle bendalo Imfula namagquma konke kunomlando Kuleth' ukuthula kuthoba inhliziyo [Chorus: Sjava] Ngikhohlwa ukuhlupheka Nenkinga zomhlaba Ngikhohlwa ukuhlupheka Nazo zonke inkinga zomhlaba
Rate this song
0/5.0 - 0 Ratings
Loading comments...
Credits
- Writers
- Sjava
- Vuyo Manyike
- Delayde
- Webmoms