Kube Ngangazi

Album cover art for "Kube Ngangazi" by Sjava

Sjava - Pop, IsiZulu

Kube Ngangazi

0 Plays

View ArtistView Album

Lyrics

[Intro] Kube ngangazi Kube ngangazi [Verse 1] Ngaphoxa abazali badumala mabethol' ukuthi ng'khulelwe Mabeng'buza ngawe ekhaya Kwabanzima ukubatshela, ung'balekele Baba noMama ngicela uxolo, Umkhohlisi ung'khohlisile K'thiw' intandane enhle umakhothwa unina Kumele ngiqine mtanami ngik'khulise [Chorus] Kube ngangazi, kube ngangazi mina Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami Kube ngangazi, kube ngangazi mina Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami [Verse 2] Wuye lo umtanakho usekhulile 'Yambona useyintombi engakanani Ezimnandi ukuthi uyasebenza futhi uyang'nakekela Mangingakhala ngabe ngiqamba amanga Ezib'hlungu ukuthi emoyеni akeneme nеze Uhlale ethikuthele, enolaka Mangimbuza ngomkhwenyane akaphenduli Uvele anxaphe athi yena akafuni k'gana Mama amadoda mina ngiyawazonda, ayizinja Ubaba wathi uyas'thanda kodwa ekugcineni wasishiya Manje ngidlala abafana Ngihambe ngishayisa Ngoba ngifun' uthando el'zovala is'khala saBaba Kub'hlungu Ng'zothanda kanjani uthando ngingalwazi ngikhula? Kub'hlungu Uthi konke akwakhayo kuyabhidlika, kungenxa yakho [Chorus] Kube ngangazi, kube ngangazi mina Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami Kube ngangazi, kube ngangazi mina Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami [Outro]

Rate this song

Rate this song

0/5.0 - 0 Ratings

5
0.0% (0)
4
0.0% (0)
3
0.0% (0)
2
0.0% (0)
1
0.0% (0)

Loading comments...

Credits

Writers
  • Sjava
  • Delayde
  • Webmoms