Yiyo Indlela Leyo

Album cover art for "Yiyo Indlela Leyo" by Mpharanyana

Mpharanyana - R&B

Yiyo Indlela Leyo

2 Plays

Duration: 3:36

View ArtistView Album

Lyrics

Uyazi seloko ngaqala ukucula amaculo wothando Ngendlela yokuba abantu bathandane ngayo Abuntu bonke kuwo wonke amagumbi amane womhlaba bazekimi bacela ukuthi Ngibasize nge zothando Kodwa cha akumina owaqamba uthando Angisoze ngaba wuye kodwa Kukhona umfazi engahlangana naye esiteshini saseMlazi Usafika emqondweni wam' Lomfazi wayenenkinga ngoba uze kimi ubuso bakhe bugcwel' izinyembezi Okuye kwangibonisa ukuthi inhliziyo yakhe izwe ibuhlungu, wathi Bhuti Jacky lalela Angithembi ukuthi indoda yam' isangithanda (wuu) Uyazi kade angibamba angiqabuze kamnandi Ngizwe nami ukuthi izinto zihamba kahle kakhulu impela Ungithanda nje umangabe kuyintando yakhe kulungile, wathi Izinto zimbili engicela ukuthi ungisize ngazo phamb' kokuba uhambe namhlanje Ngicela ukuthi unginike iseluleko mayelana nalendaba Kuleli pheshana engiliphethe Uphinde ungitshele umlayezo Engingawudlulisela endodeni yami ukuthi aze angiphathe kahle nomakanjani (wuu) Ngiye ngathi lalela (wuu) Mtakazulu (wuu) Mphathe mphathe nje ngenkosikazi (jenge nkosikazi) Umawumuqabuza faka imizwa yonke enqondweni yakhe (wuu) Mphathe, mphathe njalo kuze aze akwazi ukulala ebusuku (wuu) Yiyona indlela leyo indoda ifanele ukuphatha inkosikazi yayo ngayo (wuu) Yebo (yeah) Yebo (yeah) Yebo Ufanele ufike ekhaya ilanga lingakashoni Ubeneqiniso ibaneqiniso wena Ukuthi leyo ngane ya bantu inelisiwe Umangabe ukukhumbule ufanele ukwazi ufanel' ukwazi lokho ufanel' ukwenza Zulu omnyama yiyona yiyona ndlela leyo indoda ifanel' ukuphatha inkosikazi yayo ngayo (wuu) Yebo (yeah yeah) Mnike leyo madlana athenga konke lokhu Konke akufunayo

Rate this song

Rate this song

0/5.0 - 0 Ratings

5
0.0% (0)
4
0.0% (0)
3
0.0% (0)
2
0.0% (0)
1
0.0% (0)

Loading comments...

Credits

Credits Not Found